Ukulandwa kongasekho

Ukulandwa kongasekho isiko lesintu lapho kusuke kuyolandwa ilungu lomndeni elingasekho endaweni lapho aphumela khona umphefumelo. Uma kwenziwa lomsebenzi kusetshenziswa ihlamvu lesihlahla somlahlankosi.

Amahlamvu esesihlahla somlahlankosi

Lenziwa kanjanihlela

Mhlazane kuyolandwa umuntu lapho aphumela khona umphefumulo kuyaye kuhanjwe nehlamvu lesihlala somlahlankosi. Uma kwenziwa leli siko kuyaye kuhambe abantu besilisa kuphela, ngoba kunenkolelo yokuthi yibo abasondelane nabaphansi njengoba beyinsila yomuzi. Kuhamba usokhaya, uma usokhaya engasekho kucelwa omunye umnuntu wesilisa. Uma kuyolandwa umuntu kuvukwa ekuseni kusempondo zankomo ngoba abaphansi basebenza ngobunmnyama kunikelwe kulendawo asala kuyo [1].

Ukufika0hlela

Uma kufikwa kuleyondawo, lowo osuke ephethe uhlamvu imvamisa usho lamazwi: "Sibanibani (usho igama lakhe) sesifikile sikulandile. Sithi asiha­mbe sibuyele ekhaya." Lamazwi ashiwo ukumhlanganisa nabasaphila bomndeni kuqinisekisa ukuthi usephila kanye nabo futhi usezoba yidlozi elihle. Emva kwalokho lowo ophethe uhlamvu akusafanele ukuthi abheke emuva, kumele abheke phambili angaphazanyiswa yilutho. Uma kuwelwa umfula noma kudlulwa endaweni ethize lowo ophethe uhlamvu uyaye athi: "Manje sibanibani sesiwela umfula othile, sidabula ihlathi elithile nawe"[1][2].

Ngezinye izikhathi kuke kwenzeke iphutha lokuthi lowo olandiwe angatshelwa ukuthi sekwenzakalani endleleni nokuthi sebekuphi nendlela. Lokhu kwenzeka ngenkathi sekuwelwa khona umfula, lowo ophethe uhlamvu angasho ukuthi sebefike kumuphi umfula futhi sebeyawela. Lokhu kudala izinkinga kanye nolaka olukhulu ngoba lowo okade eyolandwa usala khona lapho kuleyondawo, kufane nokuthi akalandwanga. Ukungaziswa ngokusendleleni kubanga ulaka kolowo olandiwe, kuthi uma kuhanjwa ngemoto kucishe kufe abantu [3].

Sekufikwa ekhayahlela

Uma sekufikwa ekhaya, ngaphandle kwesango basuke belindwe yimbuzi kanye nokhamba lotshwala.Ngokwesintu imbuzi isilwane sokumema idlozi lisondele, lokhu kubalulekile ikakhulukazi kulowo osuke elandiwe ezohlanganiswa nabaphansi. Ukhamba lotshwala lona luhlanganisa abomndeni kanye nabaphansi ukuze baphuze ngephunga abangasekho [3]. Imbuzi inikezwa ihlamvu lomlahlankosi. Uma ilidla kusho ukuthi umuntu olandiwe ufikile emndenini. Uma ingalidli kusho ukuthi akafikanga ekhaya,kukhona Iapho bemshiye khona [4].

Ukhamba lotshwala beSintu

Sekungenwa ngaphakathihlela

Uma sebesuka esangweni sebengena ngaphakthi endlini lowo osuke ephethe uhlamvu uyaye atshele lolandiwe lamazwi: "Sibanibani (esho igama lakhe) sesingena ngaphakathi ekhaya, Sicela nawe ungene uhlangane nomndeni." Uma sekungeniwe ngaphakathi usokhaya ushisa impepho emsamo ukuzobikela abaphansi ukuthi uselandiwe "usibanibani" ucela ukuba bamamukele. Usokhaya ubikela abangasekho athi: "Nina bokhokho nangu usibanibani sesifikile naye. Simlande le ekudeni usezohlangana nomndeni. Sizomxhumanisa nani, sicela nimamukele emndenini naye aphile kanye nani."Uma konke kuhamabe kahle imbuzi ibe isihlatshwa, inyama idliwe ngabomndeni. Inyongo, inceba, nehlamvu lomlahIankosi kuyahIanganiswa kulondolozwe ngusokhaya [2].

Sekuphethiwehlela

Ihlamvu lomlahlankosi elisalayo lihlonywa phezulu ezintungweni exhibeni, kuthi UmhIwehlwe waleyo mbuzi nawo ulondolozwe ezintungweni zexhiba. Ihlamvu liba siskhumbuzo sokuthi lo obeyolandwa usekanye nawo umndeni nanini. Abadala bomndeni bahlala ezintungweni, bayaziswa nabo ukuthi lowo obelandiwe usekanye nabo. Kudingeka bambungaze. Umhlwehlwe uye ushiswe kanye nempepho uma kukhona abafuna ukukubika emadlozini mayelana nezinkinga zomndeni. Phela uma umhlwehlwe usuhlangene nempepho uba yiphunga elimnandi kwabayidlozi lekhaya[4][1]

Imithombohlela

  1. 1.0 1.1 1.2 P. Lamula (1963). Isabelo sikaZulu. Mgungundlovu: Shuter and Shooter.
  2. 2.0 2.1 Gcumisa M.S.S (1992). Insonyama. Shuter and Shooter. Text " location Mgungundlovu" ignored (help)
  3. 3.0 3.1 Makhanya N.F (1997). Isiko lokuthethwa kwedlozi. Umnyango weziLimi zoMdabu. EThekwini: INyuvesi yakwaZulu. Text "pages 45-48" ignored (help)
  4. 4.0 4.1 Gcusmisa M.N.M (1993). Isilulu Solwazi Lwevelo. Mgungundlovu. Unknown parameter |pubsliher= ignored (|publisher= suggested) (help)