Izinyanga zonyaka ngesiZulu

Kubonakale kubalulekile ukuba kubhekiswe ezinyangeni zesiZulu ngoba zineqhaza elikhulu ezilibambile ezimpilweni zabantu. Kusemqoka futhi ukuthi umphakathi waziswe ukuthi izinyanga zesiZulu izwe lisabusa zazisemqoka emisebenzini eyehlukene. Emamdulo kwakubhekwa ilanga, inyanga, izinkanyezi, umoya kanye nokutshaliwe ukuqamba ngezigameko ezenzekayo ezigqamisa inyanga nenyang. Umuntu ungumZulu ubebona ngokushintsha kwesimo sezwe ukuthi sekuyisikhathi sokwenza okuthile. Singalinganisa njengenyanga kaNcwaba lapho isimo sezwe sisuke sesibuyela kwesejwayelekile emva kwesomiso.

Ziyishumi nantathu sezizonke izinyanga ngokwesiZulu. Inyanga yeshumi nantathu ayigqamile kangako gnoba yona ayanso isigameko sayo iqajwe ngokuthi iNdida. Zihleleka kanje izinyanga eziyisishiyalombili:

uMasingana (uJanuwari)

uNhlolanja (uFebhuwari)

uNdasa (uMashi)

uMbasa (u-Ephreli)

uNhlaba (uMeyi)

uNhlangulana (uJuni)

uNtulikazi (uJulayi) (traditional: uMaquba)

uNcwaba (u-Agasti)

uMandulo (uSepthemba)

uMfumfu (u-Okthoba)

uLwezi (uNovemba)

uZibandlela (uDisemba)